Beschreibung
Produktdetails
Format
ePUB
Kopierschutz
Ja
Family Sharing
Ja
Text-to-Speech
Ja
Erscheinungsdatum
21.08.2023
Verlag
Siyanda NgemaSeitenzahl
(Printausgabe)
Dateigröße
302 KB
EAN
9798223383536
Indaba siyixoxelwa ngumfana omncane obizwa ngoSipho. Umfana lona wasuka nonina eMnambithi weza kwaDukuza emva kokuba unina ethole umsebenzi enkantolo yakwaDukuza. Umfana wayezama ukuba axhumane nonina kanye nomngani wakhe oyisihlobo sakhe. Kodwa ifuzela likaphindile lalikubhuntshisa lokho. UPhindile ungudadewabo omdala kaZamu, uZamu ongunina kaSopho. UPhindile lona wayengumuntu okukhonzile ukukhuluma, futhi ekhulumela phezulu. Wayesebenzisa onke amathuba awatholayo ukuba akhiphe umnewabo etilongweni. Yingakho waze wacela amalungu aqavile esonto ukuba akhulume noZamu enze imizamo yokuba kukhululwe umnewabo. Igama likamnewabo kwabe kunguNceku. Isigebengu esaziwayo sezigigaba ezinyantisa igazi. Futhi kwakucaca ukuba akekho noyedwa ozimisele ukuba azihlanganise noNceku. UPhindile ngokuba yiqhalaqhala wayelokhu ekhwezela udadewabo ukuba asukumele indaba kamnewabo obhadle etilongweni. UZamu Wagcina ngokuyenza imizamo yokumkhipha, yize noma wayemanqika ngoba azi ukuthi angeke kube lula aphumelele kulokho. Ngampela akaze aphumelela. Kodwa kuthe ngehlandla lesibili waphumelela. Lokho kwenziwa yikho ukuthi babemazi, futhi babemethemba. Nakhu uPhindile usethi uNceku akahlale nodadewabo. Akwehlanga kahle lokho kuZamu. Nakusipho akwehlanga kahle, wayekuthola kumadolonzima ukuba ajwayelane noninalume. Wabe emzonda nomamekazi wakhe uSipho ngoba enesikhwele sokuba umbangisa kunina, yena engabe esasithola isikhathi sokuba nonina. USipho wambona zibekwa amadaka uninalume ukuba kunogcobho. Lapho wayembona ede ebuka uNandi oyintombazana enhle ngokwehlula. Busuku bumbe uSipho engalele wabona uNceku elunguza uNandi ngehlomela. Kwamethusa lokho uSipho. Waqhubeka wambheka uninalume, wabona izenzo ezikhexisa umlomo.
Kundinnen und Kunden meinen
Verfassen Sie die erste Bewertung zu diesem Artikel
Helfen Sie anderen Kund*innen durch Ihre Meinung