Beschreibung
Produktdetails
Format
ePUB
Kopierschutz
Ja
Family Sharing
Ja
Text-to-Speech
Ja
Erscheinungsdatum
04.06.2025
Verlag
AC NkabindeSeitenzahl
(Printausgabe)
Dateigröße
2402 KB
EAN
9798231509638
Lesisichazamazwi sesiZulu singesesithathu kwezalotshwa umufi uSolwazi AC Nkabinde. Salotshwa nguye ngesandla ngasesiphethelweni sempilo yakhe. Ngeshwa umlobi wadlula emhlabeni engakachazi ngawakhe amazwi lokho okubalula lesisichazamazwi kwezinye aziloba ngaphambilini. Noma kunjalo okuphawulekayo ngaso ukuthi ukuhlelwa kwamagama achaziwe kuhlukile kunezinye izichazamazwi azibhala ngaphambilini ngokuthi amagama achaziwe ahlanganisa isiqalo nesiqu kanti kwezinye izichazamazwi zakhe amagama awanasiqalo.
Ukuhlelwa kwamagama ngesiqu kudinga ukuthi umsebenzisi wesichazamazwi abenolwazi olujulile ngokwakheka kwamagama esiZulu. Kwakuyisifiso sombhali-ke ukuthi azame indlela yokuhlanganisa isiqalo nesiqu kulesisichazamazwi ukuze kungabinzima ukusebenzisa lesisichazamazwi noma ungenalo ulwazi olujulile ngokwakheka kwamagama esiZulu.
Kunjalo-nje lesisichazamazwi sichicilelwe ngaphandle kwemibandela ye-copyright ngoba kwakuyisifiso sikaSolwazi Nkabinde ukuthi isiZulu sithuthukiswe ngokwandisa ulwazi ngaso nangokwandisa ukusetshenziswa kwaso. Ngakhoke unelungelo lokusebenzisa nokwengeza kulomsebenzi wokugcina kaSolwazi Nkabinde ngaleyondlela ofisa ngayo ukuze luthuthukiswe ulimi lwesiZulu.
Kundinnen und Kunden meinen
Verfassen Sie die erste Bewertung zu diesem Artikel
Helfen Sie anderen Kund*innen durch Ihre Meinung